Umkhiqizo kufanele uncike kumakethe. Lokhu kusho ukuthi kufanele uthole ukuthi abathengi bafunani, (izimfuno), bese ukhiqiza (unikeza) lowo mkhiqizo uwuthengisele ukuthola inzuzo.
Uma inani lentengo likhuphuka, abathengi bazothenga kancane, kodwa uma inani lentengo lehla, bazothenga kakhudlwana noma izinhlobo zemikhiqizo ezahlukene kakhudlwana.
Khomba izimfuno zabathengi kanye nabakukhethayo ngokwenza ucwaningo lokuthengisa.
Iqophelo libaluleke kakhulu. Kufanele unambitheke futhi ubukeke kahle! Inani libaluleke kakhulu. Kufanele ube nokuningi kokuthengisa.
Ukunikezwa kubaluleke kakhulu. Kufanele ngiwuthole ngokuvamile futhi ngesikhathi.
Khomba ukuthi yiziphi kulezi zimpahla ezifanelekile ukuthi uzikhiqize.
Hlela ukukhiqizwa komkhiqizo.
Tshala isitshalo bese usivuna uma sesikulungele ukuvunwa.
Khetha umgudu wokumaketha okufanele kahle kakhulu futhi lapho ongenza khona inzuzo kakhulu.
Uchungechunge lokuthengisa lunohide lwemisebenzi yokuthola umkhiqizo kumlimi uwuse kumthengi.
Ungasizakala ngokufaka inani emikhiqizweni ukuze wandise eyakho inzalo ngokuthi uzibandakanye ekuwasheni, ekupakisheni, ekulondolozeni, ekwenzeni kanye nasekuhwebeni.
Izindleko zokukhiqiza zibandakanya imbewu, umanyolo, izibulali zinambuzane, izinto zokusebenza, ogandaganda, amafutha, umsebenzi, njll.
Izindleko zokuhweba zibandakanya izithuthi, ukukhangisa kanye nokulondoloza.
Izindleko zokupakisha zibandakanya ukubeka ngamazinga, izinto zokupakisha, umsebenzi, ukulondoloza, umshwalense, njll.
Izindleko zokwenza zibandakanya izinto zokusebenza, izithuthi, ukupakisha, okuhlanganisiwe, umsebenzi, ugesi, njll..
Ukunciphisa izindleko ohideni lokuthengisa ungasebenzisa umgudu omfishane ngokuthengisela umthengi ngqo.
Ukwengeza inani ngokupakisha kanye nokulondoloza amanani entengo aze abe mahle kwenza imali engenayo eningi.
Ukwengeza inani ngokwenza kwenza inani elikhudlwana ngomkhiqizo ngamunye bese kukhuphula imali engenayo...
Abalimi imikhiqizo bayithengisela abathengi ngqo.
Abalimi bathengisela abathengi noma abantu abathenga bazithengisele.
Ukuthengisa kwenziwa abaphethe izimakethe abathengisela umlimi bese bethola imali yokuthunywa. Iqophelo, ukupakisha kanye nokubukeka kubaluleke kakhulu futhi umkhiqizo kufanele uhambisane nokuhlela ngamazinga okwamukelekile kanye namazinga okupakisha.
Izindawo ezivalekile zokwenzela indali yemfuyo zihlinzeka ngomsebenzi wokuthengisa imfuyo kubalimi.
Umlimi uthengisela umhwebi ngqo ngesivumelwano senkontileka. Iqophelo, inani kanye nokuletha kubaluleke kakhulu.
Inhlangano yabalimi ithengisa isitshalo ngokuhlanganyela emakethe esemthethweni.
Ubudlelwane phakathi kwezindleko kanye nenai lentengo = inzuzo noma ukulahlekelwa.
